Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 68

Ukuhlwanyela Imbewu YoMbuso

Ukuhlwanyela Imbewu YoMbuso

(Mathewu 13:4-8)

  1. 1. Wozan’ emsebenzini weNkos,’

    Nisabele ngentobeko.

    Ithembisa ukunisiza;

    Inikhombise indlela.

    Uma izinhliziyo ziqotho,

    Imbewu enhle yohluma.

    Zikhandle ngokwethembek’ ufundisa

    Izindab’ ezinhle zoMbuso.

  2. 2. Impumelelo yomsebenzi

    Ingase incike kuwe.

    Abezwayo bading’ usizo,

    Balithande iqiniso.

    Ngakho basize bathol’ amandla;

    Babhekane noshushiso.

    Yeka injabulo lapho imbewu

    ikhula ezinhliziyweni.