Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 62

Ingoma Entsha

Ingoma Entsha

(IHubo 98)

  1. 1. Hubel’ iNkosi, ingom’ entsha yok’dumisa.

    Wazise ngezenzo zayo ezenzayo.

    Bonga ingalo nesandla sayo sok’nqoba.

    Yahlulel’ isintu

    Sonke ngokulunga.

    (CHORUS)

    Hubani!

    Le ngoma emnandi!

    Hubani!

    UJah uyiNkosi.

  2. 2. Khamulukani kuJehov’ iNkosi yethu!

    Dumisan’ igama lakhe nimhubele.

    Bongani uJah, yenanelani ngodumo.

    Mbethelen’ ugubhu

    Kanye necilongo.

    (CHORUS)

    Hubani!

    Le ngoma emnandi!

    Hubani!

    UJah uyiNkosi.

  3. 3. Maluhlokome ulwandle nok’gcwala kwalo.

    Abasemhlabeni badumise njalo.

    Izwe l’jabule, nemifula ihlokome.

    Amagquma nazo

    I’ntaba k’dumise.

    (CHORUS)

    Hubani!

    Le ngoma emnandi!

    Hubani!

    UJah uyiNkosi.