UKUBUKEKA
Amagama
Isithombe

(Mika 6:8)

  1. 1. Siyohamba noJehova,

    Ngentobeko zinsuku zonke

    Yek’ umus’ ongafanelwe

    Awubonis’ abamfunayo!

    Ngothand’ us’lungiselele

    Ukuba s’hambe naye.

    Ngakho siyazinikela;

    Sime ngakuy’ uJehova.

  2. 2. Kulolu suku lomubi,

    Ukuphela kuyasondela

    Sibhekana nok’phikiswa

    Okungas’bangela sesabe.

    Kodw’ uJah uyos’vikela;

    Sihlale singakuye.

    Simkhoze njalo phakade.

    Singalokothi simshiye.

  3. 3. UJehov’ uyasisiza

    Ngomoya nangal’ iZwi lakhe

    Nangebandla lobuKristu

    Nangokuzw’ im’thandazo yethu.

    Njengoba sihamba naye,

    Wos’siza senz’ okuhle.

    Uyosisiza s’thobeke,

    S’hambe naye ngesizotha.