Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 42

Umthandazo Wenceku KaNkulunkulu

Umthandazo Wenceku KaNkulunkulu

(Efesu 6:18)

  1. 1. Baba Jehova othandekayo,

    Malidunyisw’ igama lakh’ elihle.

    Mayenzeke intando yakho,

    Sithandazela uMbuso wakho.

    Mawufike ukuze

    Sithol’ izibusiso.

  2. 2. Siyabonga usuku ngalunye

    Ngeziph’ ezinhl’ ezimangalisayo.

    Ukuw’ umthombo wokuphila.

    Us’nik’ ulwazi nok’hlakanipha.

    Siyokubonga njalo

    Ngokusithanda kwakho.

  3. 3. Lapho izinkinga zisixaka,

    Sibheka kuwe sithol’ induduzo.

    Baba thatha umthwalo wethu,

    Siphe amadla sikhuthazele.

    Sisize sigcine

    izifungo zethu kuwe.