Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 37

Ukukhonza UJehova Ngomphefumulo Wonke

Ukukhonza UJehova Ngomphefumulo Wonke

(Mathewu 22:37)

  1. 1. O Jehova Nkos’ Enkulu,

    Ngilalela, ngithanda wena.

    Ngizozinikela kuwe;

    Ngizokukhonza Jehova Nkos’.

    Ng’yolandela im’thetho yakho;

    Njengezikhumbuzo kimi.

    (CHORUS)

    O Jehova ufanelwe

    Ukuba ngiz’nikele kuwe.

  2. 2. Indalo iyak’dumisa,

    Umhlab’ inyanga nez’nkanyezi.

    Ngifis’ ukuba njengazo,

    Ngamandl’ onke ngenze waziwe.

    Ngenze ngizinikele kuwe,

    Ngithembeke ngeqiniso.

    (CHORUS)

    O Jehova ufanelwe

    Ukuba ngiz’nikele kuwe.