Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 34

Ukuhamba Ngobuqotho

Ukuhamba Ngobuqotho

(IHubo 26)

  1. 1. Ngahlulele, Jehova Nkosi yam’;

    Ukukwethemba kwam’ nobuqotho bami.

    Ngihlole, ungivivinye njalo;

    Ngisize ukuze ngithol’ isbusiso

    (CHORUS)

    Kodwa mina, ngiyozimisela

    Njalo ukuhamba ngobuqotho bami.

  2. 2. Angihlali nabantu ababi.

    Anginabungane nabathand’ ububi.

    Ngiyacela uz’ ungangisusi;

    Nabangathembeki, abagcwele impi.

    (CHORUS)

    Kodwa mina, ngiyozimisela

    Njalo ukuhamba ngobuqotho bami.

  3. 3. Ngithanda uk’hlal’ endlini yakho.

    Ngisekel’ inkonzo ecocekileyo.

    Ngiyozungez’ i-altare lakho,

    Ngizwakalise ukubong’ enginakho.

    (CHORUS)

    Kodwa mina, ngiyozimisela

    Njalo ukuhamba ngobuqotho bami.

(Bheka neHu. 25:2.)