Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 3

Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe

(IzAga 14:26)

  1. 1. O Jehova, usinikeze

    ithemb’ eliy’gugu,

    Elisijabulisayo.

    Sifun’ umhlab’ uzwe,

    Kodw’ izinkathazo zok’phila

    zingasenza sesabe,

    Nethemb’ ebelikhanya bha

    bese lifiphala.

    (CHORUS)

    Ungamandl’, ithemba,

    sincike kuwe.

    Esik’ntulay’ uyasipha.

    S’shumayela, s’fundise,

    s’ncike kuwe

    ngoba sethembele kuwe.

  2.  2. O Jehova, s’cela usenze

    singalinge s’khohlwe,

    Ubulokh’ usiduduza

    ngez’khath’ ezinzima.

    Im’cabang’ esikhuthazayo

    ivuselel’ umdlandla,

    Ibuyisa nesibindi

    sikhulume ngawe.

    (CHORUS)

    Ungamandl’, ithemba,

    sincike kuwe.

    Esik’ntulay’ uyasipha.

    S’shumayela, s’fundise,

    s’ncike kuwe

    ngoba sethembele kuwe.