Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 28

Ukuba Umngane NoJehova

Ukuba Umngane NoJehova

(IHubo 15)

  1. 1. Ngubani Jehova,

    Ongumngane wakho?

    Oyohlal’ etendeni lakho?

    Low’ okwazi kahle?

    Yibo abezw’ iZwi,

    Benokholo kuwe,

    Bethembekile, belungile,

    Bephilela wena.

  2. 2. Ngubani Jehova,

    Ongeza kuwena?

    Ngubani ok’thokozisayo?

    Omazi ngegama?

    Yib’ abakwaziyo,

    Abak’lalelayo,

    Abaqotho enhliziyweni,

    Abaneqiniso.

  3. 3. Sithembela kuwe,

    Sithandaza kuwe.

    Uyas’sondeza, sikuthande,

    Uyas’nakekela.

    Masib’ abangane

    Abakhulu nawe.

    Sengathi singebe noMngane

    Omkhulu kunawe.