Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 150

Funani Insindiso Yenu KuNkulunkulu

Funani Insindiso Yenu KuNkulunkulu

(Zefaniya 2:3)

  1. 1. Ababusi balwa

    NoJehova noKristu.

    Siphelil’ is’khathi sabo

    Konke okungokwabo.

    Kumelwe basuswe;

    Kubus’ uMbuso kaJah.

    UKrist’ uzobhubhis’ izitha.

    Manje yiso is’khathi.

    (CHORUS)

    Funani uJah nisinde,

    Yebo, mfuneni ngethemba.

    Nenz’ ukulunga,

    Nibe nokholo,

    Nimele uMbuso wakhe.

    Ukuze anikhulule

    Ngesandla sakhe.

  2.  2. Abantu bakhetha

    Ukulalela manje.

    Sibanikeza ithuba

    Lokuba baz’khethele.

    Silwa nezilingo,

    Azisenzi sethuke.

    UJah uyabezw’ abaqotho;

    Bonk’ abamkhalelayo.

    (CHORUS)

    Funani uJah nisinde,

    Yebo, mfuneni ngethemba.

    Nenz’ ukulunga,

    Nibe nokholo,

    Nimele uMbuso wakhe.

    Ukuze anikhulule

    Ngesandla sakhe.

(Bheka neyoku-1 Sam. 2:9; IHu. 2:2, 3, 9; IzAga 2:8; Math. 6:33.)