Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 144

Bheka Njalo Umvuzo!

Bheka Njalo Umvuzo!

(2 Korinte 4:18)

  1. 1. Laph’ izimpumputhe zibona,

    Nazo izithulu sezizwa.

    Abantwana behlabelela

    Injabulo ichichima,

    Izihlobo sezivuselwe

    Emhlabeni ongenasono.

    (CHORUS)

    Uyozibona lez’busiso,

    Um’ ubheka njal’ umvuzo.

  2. 2. Laph’ iwundlu lidla nempisi,

    Ibhere nethole kungalwi,

    Umfan’ omncane zimlandele,

    Azihole ngezwi lakhe.

    Izinyembezi zisuliwe,

    Ukwesaba sekudlulile.

    (CHORUS)

    Uyozibona lez’busiso,

    Um’ ubheka njal’ umvuzo.