Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 138

Ubuhle Ebumpungeni

Ubuhle Ebumpungeni

(IzAga 16:31)

  1. 1. Sinabakhulileyo,

    Sebebadala.

    Bakhuthazela njalo;

    Babambelele.

    Baphelelwa amandla;

    Basele bodwa.

    Baba, ubakhumbule

    Ezwen’ elisha.

    (CHORUS)

    Baba ukhumbule

    Ukholo lwabo.

    Baqinisekise,

    “Nisebenzile!”

  2. 2. Ubumpunga yindlela

    Yabalungile.

    Ngokwethembeka kuJah

    Bayathandeka.

    Masikhumbul’ ukuthi

    Bake babasha.

    Bakhonza ngobuqotho

    Besenamandla.

    (CHORUS)

    Baba ukhumbule

    Ukholo lwabo.

    Baqinisekise,

    “Nisebenzile!”