Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 128

Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni

Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni

(Mathewu 24:13)

  1. 1. IZwi likaNkulunkulu

    Liyasikhuthaza.

    Izinto eniz’fundile

    Zonke ziyiqiniso.

    Zenza niqin’ okholweni,

    Nihlale niphapheme.

    Melanani novivinyo

    Iz’lingo z’yonicwenga.

  2. 2. Gcinani uthando lwenu

    Lwasekuqaleni.

    Iz’lingo zikaDeveli

    Nizikhuthazelele.

    Noma ningalingwa ngani,

    Yibani nesibindi.

    UJah uyonikhulula,

    Ngeke az’ anilahle.

  3.  3. Abakhuthazela njalo

    Yib’ abayosinda.

    Bayolotshwa encwadini,

    Enkumbulweni kaJah.

    Kumelwe nikhuthazele;

    Nenze okuhle njalo.

    Niyothola iz’busiso;

    Nivune ngenjabulo.