Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 125

“Bayajabula Abanesihe!”

“Bayajabula Abanesihe!”

(Mathewu 5:7)

  1. 1. UJehova unesihe,

    Umusa ongafanelwe.

    Ujabulela okuhle,

    As’nik’ izidingo zethu.

    Abaphendukayo bazi,

    K’yezwakal’ uk’nxusa kwabo.

    Ekhumbula siluthuli,

    Unesihe nokulunga.

  2. 2. Lapho isono sis’sinda,

    Sicela umusa kuJah.

    UJesu wasifundisa

    Uk’nxusa ngokuthandaza:

    “Sixolel’ izono zethu

    Njengoba sibaxolela.”

    Singabambi amagqubu

    Sibe nok’thula kwengqondo.

  3. 3. Lapho siphana ngezipho

    S’bonis’ umoya wokupha.

    Sipha ngokuzithandela,

    Sijabuliswa ukupha.

    UMdali obona konke

    Nguye obuyiselayo.

    Impela ngesihe sabo,

    Emehlwen’ oMdali bahle.