Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 117

Imfanelo Yobuhle

Imfanelo Yobuhle

(2 IziKronike 6:41)

  1. 1. Ubuhle bakho Jehova,

    Buyasijabulisa.

    Sikhathi sonke wena

    Ungcwele futhi uqotho.

    Unesihe nobubele,

    Okungeqhathaniswe.

    Ufanelwe uk’dunyiswa,

    Sik’khonze ngenjabulo.

  2. 2. Ubuhle bakho bubonakala

    Kubantu bakho;

    Ukuz’phatha nokushumayel’

    Izindab’ ezinhle.

    Yonk’ imfundo nabelusi

    Bakho wubufakazi.

    Sicela umoya wakho,

    Siqondiswe ubuhle.

  3. 3. Busis’ izenzo zobuhle

    Kubazalwane bonke.

    Sibabonis’ ukuz’dela,

    Masibenzel’ okuhle;

    Imindeni amabandla

    Kanye nomakhelwane,

    S’busise ngomoya wakho,

    Sibonise ubuhle.