Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 115

Ukubonga Ngokubekezela Kwaphezulu

Ukubonga Ngokubekezela Kwaphezulu

(2 Petru 3:15)

  1. 1. Jehova Nkosi ephakeme,

    Uyabuzonda ububi,

    Bukuzwisa ubuhlungu.

    Lokhu ukwenza kwaziwe.

    Awephuzi njengoba besho;

    Uk’bekezela kuzophela.

    (CHORUS)

    Ngethemba s’langazelela

    Ukudumis’ igama lakho.

  2. 2. Iminyak’ eyinkulungwane,

    Ifana nosuku kuwe.

    Luseduz’ usuku lwakho,

    Luzofika nakanjani.

    Nom’ ukona ungakuthandi,

    Ujab’la ngok’buya kwesoni.

    (CHORUS)

    Ngethemba s’langazelela

    Ukudumis’ igama lakho.

(Bheka noNeh. 9:30; Luka 15:7; 2 Pet. 3:8, 9.)