Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 100

Bamukeleni Ngemfudumalo

Bamukeleni Ngemfudumalo

(IzEnzo 17:7)

  1. 1. UJehova wamukela ngob’qotho.

    Usinakekela ngokungakhethi.

    Ubanika bonke imvula nelanga;

    Usipha ukudla s’jabule.

    Masibonise umusa kwabanye,

    Silingise uNkulunkulu wethu.

    Khona-ke uBaba

    wethu uyos’vuza,

    Uma sibonisa umusa.

  2. 2. Lapho sibona abahluphekile,

    Singathol’ umusa nxa sibasiza.

    Masisize nalabo esingabazi,

    Sibanike abak’dingayo.

    Masibamukele njengoLidiya

    Em’zini yethu bahlale ngok’thula.

    UBaba weth’ uJah

    ubabona bonke

    Abalingis’ isihe sakhe.