Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGOMA 10

Dumisani UJehova, UNkulunkulu Wethu!

Dumisani UJehova, UNkulunkulu Wethu!

(IHubo 145:12)

  1. 1. Dumisan’ uJehov’ iNkos’!

    Igama lakhe balazi!

    Xwayisan’ ngosuku lwakhe!

    Bonk’ abantu mabaxwayiswe.

    UJah uthi sekuyisikhathi

    Sokubusa kukaKristu.

    Yanini kubantu nibazise

    Ngezibusiso zoMbuso!

    (CHORUS)

    Dumisan’ uJehov’ iNkos’!

    Mdumisen’ emhlabeni wonke!

  2. 2. Mdumisen’! Hubani ngaye!

    Nimphakamise ngengoma

    Esuka enhliziyweni,

    Simkhazimulise nges’bindi.

    Nakuba uJah engophakeme,

    Uthobekil’ unothando.

    UBab’ onomusa uyasazi.

    Uyasizwa ’masimnxusa.

    (CHORUS)

    Dumisan’ uJehov’ iNkos’!

    Mdumisen’ emhlabeni wonke!