Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 134

Zibone Lapho Konke Sekukusha

Zibone Lapho Konke Sekukusha

(IsAmbulo 21:1-5)

1. Zibone, ungibone nam’;

Sibone sonk’ ezweni elisha.

Yek’ ubuhle nobumnandi,

Ukuthula nenkululeko!

USathane engasekho,

Sekubusa uMbuso kaJah.

Kuyob’ is’khathi somhlaba omusha,

Ngezinhliziyo siyovuma le ngoma:

(CHORUS)

“Jah wamuhle umsebenzi wakho!

Konke kusha ngoMbuso kaKristu.

I’nhliziyo zethu zijabula ngawe;

Udumo nenkazimulo kungokwakho.”

 2. Phind’ uz’bone, kanye nami;

Sesikhona ezweni elisha.

Ukwethuka, nokwesaba,

Konke kuyobe kungasekho.

Kuyogcwaliseka konke;

UJah uyokuba nabantu.

Uyovusa ngisho nabafileyo;

Nabo bahlanganyele nathi le ngoma:

(CHORUS)

“Jah wamuhle umsebenzi wakho!

Konke kusha ngoMbuso kaKristu.

I’nhliziyo zethu zijabula ngawe;

Udumo nenkazimulo kungokwakho.”