Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 INgoma 77

Yiba Othethelelayo

Yiba Othethelelayo

(IHubo 86:5)

1. UJah wanikela

NgeNdodana uKristu

Ukuze sithethelelwe

Nokufa kungabikho.

Uma s’phenduka ngempela,

Uyosithethelela

Ngesisekelo ses’hlengo,

Ngegama likaKristu.

2. S’thola lowo musa

Uma s’lingisa uJah

Sithethelela abanye,

S’babonise uthando.

Masibekezelelane,

S’ngathukuthelelani.

S’hloniphe abafowethu,

Sibathande kakhulu.

3. Masihlakulele

Imfanelo yesihe.

Is’gcina singacasuki,

Singabi nay’ inzondo.

Uma silingisa uJah,

Njengoba enothando,

Sothethelela abanye,

Njengaye uJehova.