Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 INgoma 119

Wozani! Niqabuleke

Wozani! Niqabuleke

(Hebheru 10:24, 25)

1. Siphila ezweni elidukile;

Aliyaz’ indlela kaJah.

Siding’ isiqondiso saphezulu;

Asinakuziqondisa.

Imihlangano ikhanyis’ ithemba;

Iyasakha okholweni.

Sithola amazwi akhuthazayo,

Siqine sibe namandla.

Ngeke sikuyeke ukuhlangana;

Sifun’ ukwenza okuhle.

Siqondiswa ngezindlela ezinhle,

Sivuselelwe uthando.

 2. UJah uyazaz’ izidingo zethu;

Kufanele simlalele.

Ukuba nesikhathi sok’hlangana,

Kusho ukwethemba iZwi.

Abazalwane bayasifundisa

Ngemisebenzi yokholo.

Ngokusekela kothando kwabanye,

Sizizwa silondekile.

Njengoba siqhubekela phambili

Siyothola abangane.

Sizofundiswa ukuhlakanipha

Okuvela kuJehova.