Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 126

Umsebenzi Wethu Wothando

Umsebenzi Wethu Wothando

(IHubo 127:1)

1. Jah, namuhla lusuku.

Sifisa ukukubonga.

Siswele amazwi,

ngelungelo Nangothando!

Lo msebenzi omkhulu

Uwubusise ngempela.

Sikwazile ukwakha lendlu

Ngomusa wakho.

(CHORUS)

Kube ilungelo Jehova,

uk’kwakhela le ndlu yakho.

Sengathi s’ngakukhonza zonke izinsuku,

Sikunikeze udumo.

2. Sithokoza kakhulu,

Sizakhele abangane!

Ngeke silukhohlwe lol’ suku

Ngeke nanini!

Sisebenzé ngok’zwana,

Ngenxa yomoya wakho Nkos’.

Sadumisa igama lakho.

Yeka umvuzo!

(CHORUS)

Kube ilungelo Jehova,

uk’kwakhela le ndlu yakho.

Sengathi s’ngakukhonza zonke izinsuku,

Sikunikeze udumo.