(Joshuwa 1:8)

1. Sijabula ngeZwi l’kaJah.

Silifunda njalo.

Sizindla ngezw’ eliphansi;

Senz’ esik’fundayo.

Malibe isiqondiso

Ek’phileni kwethu.

(CHORUS)

Funda futhi ulalele,

Uthol’ iz’busiso.

Hamba noJehova njalo,

Uyophumelela.

2. Amakhos’ akwaIsrayel’,

Anikwa umyalo:

‘Inkosi mayiz’bhalele

Ngesandla uMthetho.

Iwufunde nsuku zonke

Yenze ok’lungile.’

(CHORUS)

Funda futhi ulalele,

Uthol’ iz’busiso.

Hamba noJehova njalo,

Uyophumelela.

3. Njengoba sifunda njalo,

Sithol’ induduzo.

I’nhliziyo ziyazola;

Ukholo luqine.

Ukufunda iZwi l’kaJah,

Kusenza sivuthwe.

(CHORUS)

Funda futhi ulalele,

Uthol’ iz’busiso.

Hamba noJehova njalo,

Uyophumelela.