Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 94

Ukwaneliswa Izipho ZikaNkulunkulu Ezinhle

Ukwaneliswa Izipho ZikaNkulunkulu Ezinhle

(Jakobe 1:17)

1. Zonke izipho ezinhle,

Esizithandayo,

Izinto eziyigugu,

Zivela kuYise.

Yena akashintshashintshi,

Cha, akaguquki.

Usipha izipho ezinhle,

UMthombo wok’phila.

2. Mas’yeke uk’khathazeka

Ngez’dingo zok’phila;

UJehova uyosondla

As’gcine siphila.

Izint’ ezingenanzuzo,

Sizishiy’ emuva.

Siphila ngokwaneliseka,

Uk’phil’ okulula.

3. Izint’ ez’bonakalayo,

Azilutho kuJah.

Masiphishekel’ izinto

Ezihlala njalo.

Sibek’ ingceb’ ezulwini

Silondeke kuJah.

Sigcin’ iso lethu lilula

Sibhek’ emvuzweni.