Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Hubelani UJehova

 INgoma 135

Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni

Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni

(Mathewu 24:13)

1. Izwi likaNkulunkulu

Liyasikhuthaza.

Izinto eniz’fundile

Zonke ziyiqiniso.

Zenza niqin’ okholweni,

Nihlale niphapheme.

Melanani novivinyo

Iz’lingo z’yonicwenga.

2. Gcinani uthando lwenu

Lwasekuqaleni.

Iz’lingo zikaDeveli

Nizikhuthazelele.

Noma ningalingwa ngani,

Yibani nesibindi.

UJah uyonikhulula,

Ngeke az’anilahle.

3. Abakhuthazela njalo

Yib’ abayosinda.

Bayolotshwa encwadini,

Enkumbulweni kaJah.

Kumelwe nikhuthazele;

Nenze okuhle njalo.

Niyothola iz’busiso;

Nivune ngenjabulo.