Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 INgoma 116

Ukukhanya Kuba Kukhulu

Ukukhanya Kuba Kukhulu

(IzAga 4:18)

1. Abaprofethi bafunda ngoKristu,

Ithemba laso sonk’ isintu.

Umoya wambula ngokuza kwakhe,

Asikhulule esonweni.

Manje useyiNkosi ezulwini,

Ubufakazi bukhona.

Kuyilungelo ukwazi le zinto;

Nezingelosi zazifisa!

(CHORUS)

Indlela yethu iyakhanya;

Sihamba ekukhanyeni.

UJehov’ uyasembulela;

Asihole endleleni.

2. INkosi yethu imise inceku,

Esinika ukudla njalo.

Ukukhanya kuya kuba kukhulu,

Kusithinta izinhliziyo.

Masigxile, indlela iyakhanya.

Sihambe ekukhanyeni.

Sibonge uJehova ngeqiniso,

Sihambe endleleni yakhe.

(CHORUS)

Indlela yethu iyakhanya;

Sihamba ekukhanyeni.

UJehov’ uyasembulela;

Asihole endleleni.