Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 48

Ukuhamba NoJehova Nsuku Zonke

Ukuhamba NoJehova Nsuku Zonke

(Mika 6:8)

1. Siyohamba noJehova,

Ngentobeko zinsuku zonke.

Yek’ umus’ ongafanelwe

Awubonis’ abamfunayo!

Yen’ usilungiselele

Ukuba s’hambe naye.

Ngakho siyazinikela;

Sime ngakuy’ uJehova.

2. Kulolu suku lweNkosi,

Ukuphela kuyasondela,

Sibhekana nok’phikiswa

Okungas’bangela sesabe.

Kodw’ uJah uyos’vikela;

Sihlale singakuye.

Simkhonze njalo phakade.

Singalokothi simshiye.

3. UJehov’ uyasisiza

Ngomoya nangal’ iZwi lakhe.

Nangebandla lobuKristu,

Nangokuzw’ imthandazo yethu.

Njengoba sihamba naye,

Wos’siza senz’ okuhle,

Silingis’ umusa wakhe,

S’hambe naye ngesizotha.