Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Hubelani UJehova

 INgoma 29

Ukuhamba Ngobuqotho

Ukuhamba Ngobuqotho

(IHubo 26)

1. Ngahlulele, Jehova Nkosi yam’;

Ukukwethemba kwam’ nobuqotho bami.

Ngihlole, ungivivinye njalo;

Ngisize ukuze ngithol’ is’busiso

(CHORUS)

Kodwa mina, Ngiyozimisela

Njalo ukuhamba ngobuqotho bami.

2. Angihlali nabantu ababi.

Anginabungane nabathand’ ububi.

Ngiyacela uz’ ungangisusi;

Nabangathembeki, abagcwele impi.

(CHORUS)

Kodwa mina, Ngiyozimisela

Njalo ukuhamba ngobuqotho bami.

3. Ngithanda uk’hlal’ endlini yakho.

Ngisekel’ inkonzo ecocekileyo.

Ngiyozungez’ ialtare lakho,

Ngizwakalise ukubong’ enginakho.

(CHORUS)

Kodwa mina, Ngiyozimisela

Njalo ukuhamba ngobuqotho bami.

(Bheka neHu. 25:2.)