Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 INgoma 99

Ukudumisa INkosi Entsha Yomhlaba

Ukudumisa INkosi Entsha Yomhlaba

(IsAmbulo 7:9)

1. Isixuku esikhulu

sazo zonke izizwe,

Sibuthwe uKristu nensali

yabagcotshiweyo.

UMbuso kaJah uzelwe;

Kuza umhlaba omusha.

Leli ithemba elikhulu,

Lenjabulo nenduduzo.

(CHORUS)

Dumis’ uJehova;

NeNdodana yakhe,

Abasihlenga esonweni.

Sinethemba lok’phila phakade

Sikhonz’ iNkosi njalo.

2. Masidumise uKristu

ngenjabulo enkulu.

Lesi S’khulu

Sokuthula siyoleth’ insindiso.

Silindele injabulo:

Umhlaba onokuthula,

Nokuvuswa kwabafileyo.

S’yohalalisa ngempela!

(CHORUS)

Dumis’ uJehova;

NeNdodana yakhe,

Abasihlenga esonweni.

Sinethemba lok’phila phakade

Sikhonz’ iNkosi njalo.