Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 35

Ukubonga Ngokubekezela Kwaphezulu

Ukubonga Ngokubekezela Kwaphezulu

(2 Petru 3:15)

1. Jehova Nkosi ephakeme,

Uyabuzonda ububi,

Bukuzwisa ubuhlungu.

Lokhu ukwenza kwaziwe.

Awephuzi njengoba besho;

Maduze uzob’qed’ ububi.

Sithembela kuwe njalo,

S’bonga uk’bekezela kwakho.

2. Iminyak’ eyinkulungwane,

Ifana nosuku kuwe.

Luseduz’ usuku lwakho,

Luzofika nakanjani.

Nom’ ukona ungakuthandi,

Ujab’la ngok’buya kwesoni.

Ngethemba s’langazelela

Ukudumis’ igama lakho.