Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 113

Ukubonga NgeZwi LikaNkulunkulu

Ukubonga NgeZwi LikaNkulunkulu

(Filipi 2:16)

1. Nkulunkulu wethu, siyakubonga

Ngokuba neZwi lakho Elingcwele!

Waliphefumulela ngomoya ongcwele.

Liyasiqondisa; lisifundise.

2. Ababhali balo babenjengathi,

Babenemizwa efana neyethu.

Kus’qinisa ukholo ukufunda ngabo.

Kuyasiqabula kusikhuthaze.

3. Lisifinyelela izinhliziyo.

Lisenza sishintshe uk’phila kwethu.

Lihlola izinhloso zenhliziyo yethu.

Liyasilungisa sihlakaniphe.