(1 Johane 4:7, 8)

1. UJehova uluthando,

Uthi sihambe naye.

Uma sithand’ uJehova,

Siyothanda nabanye.

Ukuphila okunjalo;

Yikho esik’ funayo.

Uthando luyosilonda.

Masiphileni ngalo.

2. Sishukunyiswa uthando;

Lusenze sithandane.

Luyasiqinisa njalo;

Ebuthakeni bethu.

Uthando alunamona;

Lulungile lumnene.

Masithand’ abafowethu,

Ngothando ol’fanele.

3. Singalokothi sivumel’

Ukunqotshwa ulaka.

Masibheke kuJehova;

Asiqondise njalo.

Masithande uJehova,

Kanye nomakhelwane.

Masibonise abanye

Uthando lweqiniso.