Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 76

UJehova, UNkulunkulu Wokuthula

UJehova, UNkulunkulu Wokuthula

(Filipi 4:9)

1. Jah, Nkosi yok’thula,

Nkulunkul’ onothando;

Sigcwalise ngokuthula,

Isithelo esihle.

Mas’qondiswe nguwe;

Was’thenga ngeNdodana.

Sinik’ ukuthula kwakho

Ok’dlula konk’ okunye.

2. Izwe l’yahluleka

Ukuthola uk’thula,

Kodwa izikhonzi zakho

Zinokuthula njalo.

Zenz’ intando yakho,

Zigcwalis’ izifungo.

Busisa im’zamo yethu,

Wandise ukuthula.

 3. Usikhanyisela

Ngomoya neZwi lakho.

Uyasivikela njalo

Kulelizw’ elimnyama.

Sicel’ ugcwalise

Izinhliziyo zethu

Nezingqondo ngokuthula,

Siphephele kuwena.