Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Hubelani UJehova

 INgoma 73

Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni

Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni

(1 Petru 1:22)

1. Uthando olujulile,

Lusuka enhliziyweni;

Lusenza sibe nozwela

Kwesikholwa nabo.

Masifune izindlela

Zokubonisa uthando,

Silingise uJehova,

Ngothando ol’qotho.

Mas’bonise uthando,

Ngokwabelana nabampofu,

S’bambe wonk’ amathuba

Okubonis’ ubuhle.

Mas’bonise inhlonipho;

Sikhathalele abanye.

Singawanak’ amaphutha.

Sigcine ubuqotho,

Siqaph’ ubunye bethu.

2. Uma sinalo uthando,

Ngeke sisheshe s’casuke;

Siyoba nanesizathu

Sok’themba abanye.

Siyokwakha ubungane;

Sibe nokusondelana.

Sihlangane ngenjabulo,

Sivuselelane.

 Nsuku zonke siyona;

S’khulume singacabanganga.

Masibonis’ uzwela

Kwabathandwa iNkosi.

Sohlale singabangane,

Abathandana kakhulu.

Mas’bonakale ngothando.

Sidumis’ uJehova,

S’lingis’ uthando lwakhe.