Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 81

“Siphe Ukholo Olwengeziwe”

“Siphe Ukholo Olwengeziwe”

(Luka 17:5)

1. Ngenxa yokungapheleli Jehova,

Sithambekel’ ekwenzen’ okubi.

Isono sisithandela kalula

Senza singakwethembi Jehova.

(CHORUS)

Siphe ukhol’ olwengeziwe Nkosi.

Sisize ngokwezidingo zethu.

Siph’ ukhol’ olwengeziwe ngesihe,

Sikukhonze ngezwi nangezenzo.

2. Ngaphandle kokholo awujabuli.

Ngakho kudingeka sibe nalo.

Ukholo lwethu luyasivikela.

Lwenza s’bheke ik’sasa ngethemba.

(CHORUS)

Siphe ukhol’ olwengeziwe Nkosi.

Sisize ngokwezidingo zethu.

Siph’ ukhol’ olwengeziwe ngesihe,

Sikukhonze ngezwi nangezenzo.