Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 75

Sinezizathu Zokujabula

Sinezizathu Zokujabula

(Mathewu 5:12)

1. Sinezizathu zok’jabula,

Ngokwand’ esikubonayo.

Ok’nxanelekayo kwezizwe

Kuzihlanganisa nathi.

Injabulo yeth’ ifanele,

Sisizwa yiZwi likaJah.

Silifundiswa nsuku zonke;

Lokho kuqinis’ ukholo.

Injabulo yeth’ ijulile,

Isuka enhliziyweni.

Nakuba sivivinywa njalo,

UJehov’ uyasiphasa.

(CHORUS)

Sijabula ngoJehova,

Nangemisebenzi yakhe,

Nemicabango ejulileyo,

Enokulunga namandla!

 2. Sijabula ngendalo yakhe,

Izul’ ulwandle nomhlaba.

Njengoba sibheka indalo,

Sidumisa uJehova.

Sifakaza ngempumelelo,

Simemezela uMbuso.

Sibazisa yonke indawo,

Ngokusungulwa koMbuso.

Ukujabula kwaphakade,

Kusondela ngokushesha.

Izulu nomhlaba omusha,

Kuyoletha injabulo.

(CHORUS)

Sijabula ngoJehova,

Nangemisebenzi yakhe,

Nemicabango ejulileyo,

Enokulunga namandla!