(Luka 11:28)

1. Masilalele uKristu ngezenzo.

Iz’mfundiso zakhe ziqondile.

Ukuzazi kuyasijabulisa,

Siyobusiswa masiz’lalela.

(CHORUS)

Lalela, ubusiswe

Lapho uzwa im’yalo.

Ngena ekuphumuleni kwakhe,

Lalela ubusiswe.

2. Ukulalela kuyasivikela

Njengendlu eyakhiw’ edwaleni.

Uma silalela iziqondiso,

Siyokujabulela uk’phila.

(CHORUS)

Lalela, ubusiswe

Lapho uzwa im’yalo.

Ngena ekuphumuleni kwakhe,

Lalela ubusiswe.

 3. Njengomuthi ongasemifuleni

Othel’ izithelo ngesikhathi,

Uma silalela uNkulunkulu,

Siyobusiswa ngokucebile.

(CHORUS)

Lalela, ubusiswe

Lapho uzwa im’yalo.

Ngena ekuphumuleni kwakhe,

Lalela ubusiswe.