Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 121

Khuthazanani

Khuthazanani

(Hebheru 10:24, 25)

1. Njengoba sikhonz’ uJehova,

Kumelwe sikhuthazane.

Siqinis’ iz’bopho zothando;

Senze im’sebenz’ emihle.

Uthando lwabantu bakaJah

Lusenza sikhuthazele.

Ibandla liyisiphephelo,

Kulo sithol’ uk’londeka.

2. Amazwi ayisikhuthazo,

Ayaduduza ngempela!

Siwathola kubafowethu

Esibathanda kakhulu.

Kuyilungelo elikhulu

Ukukhonza kanye nabo!

Sifuna ukuqinisana,

Sithwalisan’ imithwalo.

3. Ngamehlo okholo sibona

Usuku lukaJehova.

Masingayek’ ukuhlangana.

Sihambe ngokwethembeka.

Sinethemba lokuqhubeka

Sikhonza uNkulunkulu.

Ngakhoke siyokhuthazana,

Sigcin’ ubuqotho bethu.