(UmShumayeli 12:1)

1. Basha niyigugu kuJehova;

Uyanithanda zingane zethu.

Uyaninakekela uMdali

Ngathi bazal’ benu nabangane.

2. Hloniphani abazali benu,

Ningalokothi nibadelele.

Uma nithandwa uJah nabantu,

Ubusha benu b’yojabulisa.

3. Khumbulani iNkosi nibasha;

Qhubekani nithand’ iqiniso.

Niyojabulisa uJehova

Uma nizinikela kuyena.