Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 28

Ingoma Entsha

Ingoma Entsha

(IHubo 98)

1. Hubel’ iNkosi, Ingom’ entsha yok’dumisa.

Wazise ngezenzo Zayo ezenzayo.

Bonga ingalo Nesandla sayo sok’nqoba.

Yahlulel’ isintu Sonke ngokulunga.

(CHORUS)

Hubani!

Le ngoma emnandi!

Hubani!

UJah uyiNkosi.

2. Khamulukani KuJehov’ iNkosi yethu!

Dumisan’ igama Lakhe nimhubele.

Bongani uJah, Yenanelani ngodumo.

Mbethelen’ ugubhu Kanye necilongo.

(CHORUS)

Hubani!

Le ngoma emnandi!

Hubani!

UJah uyiNkosi.

3. Maluhlokome Ulwandle nok’gcwala kwalo.

Abasemhlabeni Badumise njalo.

Izwe l’jabule, Nemifula ihlokome.

Amagquma nazo I’ntaba k’dumise.

(CHORUS)

Hubani!

Le ngoma emnandi!

Hubani!

UJah uyiNkosi.