Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Hubelani UJehova

 INgoma 127

Indawo Ebizwa Ngegama Lakho

Indawo Ebizwa Ngegama Lakho

(1 IziKronike 29:16)

1. Yeka ilungelo Jehova,

Ukukwakhela indawo!

Manje siyayinikezela

Ukuze ikudumise.

Konke esikunika kona,

Kuvela kuwena Baba.

Amakhono nezinto zethu,

Sikunika ngenjabulo.

(CHORUS)

Le ndlu ingeyakho Nkosi,

Ukuze udunyiswe.

Siyinikezela kuwe;

Siza uyamukele.

2. Kwangathi singakudumisa,

Sikukhonze kule ndawo.

Labo abenz’ intando yakho

Mabakukhazimulise.

Sizoyinakekela kahle

Le ndlu yokukudumisa.

Ukuze ibe ufakazi,

Imele igama lakho.

(CHORUS)

Le ndlu ingeyakho Nkosi,

Ukuze udunyiswe.

Siyinikezela kuwe;

Siza uyamukele.