Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 80

Imfanelo Yobuhle

Imfanelo Yobuhle

(IHubo 119:66)

1. Ubuhle bukaJehova,

Buyasijabulisa.

Zonke izindlela zakhe,

Zibonisa ubuhle.

Unesihe nobubele,

Okungenamkhawulo.

Ufanelwe uk’dunyiswa,

Simkhonze ngenjabulo.

2. Wasenza saba njengaye,

Ukuze simlingise;

Sibonise izithelo

ZobuKristu nobuhle.

Masithuthukis’ ubuhle

Neziny’ izimfanelo.

Sithandazele umoya,

Sithele izithelo.

3. Masibonise ubuhle

Kubazalwane bethu.

Sibabonise umusa,

Sibenzele okuhle.

Njengoba sishumayela

Izindaba ezinhle,

Singalokothi sikhethe;

Siphelelis’ ubuhle.