(IzEnzo 20:20)

1. Ezindlini, emakhaya,

Sisakaza izwi.

Emizini edolobhen’,

Kondliwa izimvu.

Kushunyayelw’ izindaba

Zok’busa koMbuso.

Zishunyayelw’ emhlabeni

Yintsha nabadala.

2. Ezindlini, emakhaya,

Sileth’ insindiso.

Iza kwabazikhethela

Igama likaJah.

Bangalibiza kanjani

Uma bengalazi?

Ngakho ezindlini zabo

Siyal’memezela.

3. Masishumayele njalo

I’ndaba zoMbuso.

Mabazikhethele bona

Ukuzamukela.

Sibatshela ngoJehova

Neqiniso lakhe.

Ngokushumayela kwethu

Sithola izimvu.