Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INgoma 24

Bheka Njalo Umvuzo!

Bheka Njalo Umvuzo!

(2 Korinte 4:18)

1. Laph’ izimpumputhe zibona,

Nazo izithulu sezizwa.

Laph’ izingwadule z’qhakaza

Sezigeleza namanzi,

Laph’ izishosha zingqabitha,

Sez’ngehlukani nezithandwa.

Uyozibona lez’ busiso,

Um’ ubheka njal’ umvuzo.

2. Laph’ izimungulu z’khuluma,

Nabadala sebebe basha,

Lapho kunenala yokudla,

Iyinhle yonke indalo;

Lapho injabulo nok’thula,

Sekugcwele wonke umhlaba.

Wobon’ abafile bevuka,

Um’ ubheka njal’ umvuzo.

3. Laph’ iwundlu lidla nempisi,

Ibhere nethole kungalwi,

Umfan’ omncane zimlandele,

Azihole ngezwi lakhe.

Izinyembezi zisuliwe,

Ukwesaba sekudlulile.

Uyoz’bona zonke le zinto,

Um’ ubheka njal’ umvuzo.