Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIFUNDO 9

Ukusebenzisa Kahle Izithombe Nezinye Izinto Zokufundisa

Ukusebenzisa Kahle Izithombe Nezinye Izinto Zokufundisa

Genesise 15:5

OKUFANELE UKWENZE: Sebenzisa izithombe nezinye izinto zokufundisa ezizosiza izilaleli zakho ziyikhumbule kalula indaba oxoxa ngayo.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Khetha izinto ezizosiza ekuthuthukiseni indaba. Sebenzisa izithombe, imidwebo, amamephu, amashadi ezenzakalo nezinye izinto ukucacisa amaphuzu abaluleke kakhulu. Siza izilaleli zakho zikhumbule iphuzu, hhayi izinto ozisebenzisile ekucaciseni lelo phuzu.

  • Qikelela ukuthi izilaleli ziyakwazi ukuyibona into oyisebenzisayo.