Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISAHLUKO 56

Yini Ngempela Engcolisa Umuntu?

Yini Ngempela Engcolisa Umuntu?

MATHEWU 15:1-20 MARKU 7:1-23 JOHANE 7:1

  • UJESU UDALULA AMASIKO ABANTU

Njengoba kusondela iPhasika lika-32 C.E, uJesu umatasa uyafundisa eGalile. Ngemva kwalokho, kungenzeka ulibangisa eJerusalema ePhasikeni, ngokuvumelana noMthetho kaNkulunkulu. Nokho, uJesu ukwenza ngokuqapha lokhu ngoba amaJuda afuna ukumbulala. (Johane 7:1) Ngemva kwalokho ubuyela eGalile.

Kungenzeka uJesu useKapernawume lapho abaFarisi nababhali beza kuye bevela eJerusalema. Kungani bethatha lolu hambo? Bafuna izizathu zokumangalela uJesu ngokwephula umthetho wenkolo. Bayambuza: “Kungani abafundi bakho beqa amasiko abantu basendulo? Ngokwesibonelo, abazigezi izandla lapho bezodla ukudla.” (Mathewu 15:2) UNkulunkulu akakaze atshele abantu bakhe ukuba bagcine leli siko ‘lokugeza izandla kuze kufike endololwaneni.’ (Marku 7:3) Noma kunjalo, abaFarisi babheka ukungakwenzi lokhu njengecala elikhulu.

Kunokuba abanikeze impendulo yalokhu kumangalela kwabo, uJesu uveza indlela bona abawephula ngayo ngamabomu uMthetho kaNkulunkulu. Uyababuza: “Kungani nina neqa umyalo kaNkulunkulu ngenxa yamasiko enu? Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wathi, ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ wathi futhi, ‘Othuka uyise noma unina makabulawe.’ Kodwa nina nithi, ‘Noma ubani othi kuyise noma kunina: “Noma yini enginayo ebingakusiza iyisipho esinikelwe kuNkulunkulu,” akudingeki neze amhloniphe uyise.’”—Mathewu 15:3-6; Eksodusi 20:12; 21:17.

AbaFarisi bathi imali, impahla nanoma yini enye enikelwe kuNkulunkulu njengesipho ingeyethempeli, ngakho ayinakusetshenziselwa enye injongo. Nokho, empeleni lesi sipho okuthiwa sinikelwe sisuke sisengesakhe lowo muntu. Ngokwesibonelo, indodana ingase ithi imali yayo noma impahla yayo “iyikorbana,” isipho esinikelwe kuNkulunkulu noma ethempelini. Indodana isuke isengayisebenzisa le mali noma impahla kodwa ithi ayinakusetshenziselwa ukusiza abazali bayo asebekhulile nabaswele. Kunjengokungathi ithempeli selithathe indawo yabazali. Ngale ndlela ibalekela umthwalo wayo wokubanakekela.—Marku 7:11.

UJesu kumthukuthelisa kufanele lokhu kusontwa koMthetho kaNkulunkulu, ube esethi: “Nilishaya indiva izwi likaNkulunkulu ngenxa yamasiko enu. Nina bazenzisi, u-Isaya waprofetha ngokufanele ngani, lapho ethi: ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe, kodwa izinhliziyo zaso zikude nami. Siqhubeka singikhulekela ngeze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.’” AbaFarisi bayehluleka ukumphendula uJesu kula mazwi akhe anamandla okubagxeka. Ngakho utshela izixuku ukuba zisondele kuye. Uthi: “Lalelani futhi nikuqonde lokhu: Akukhona okungena emlonyeni womuntu okumngcolisayo; kodwa yilokho okuphuma emlonyeni wakhe okumngcolisayo.”—Mathewu 15:6-11; Isaya 29:13.

Kamuva lapho sebesendlini, abafundi babuza uJesu: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bakhubekile lapho bezwa lokho okushilo?” Ubaphendula athi: “Zonke izitshalo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyosishulwa. Bayekeni. Bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, zombili ziyowela emgodini.”—Mathewu 15:12-14.

UJesu ubonakala emangala lapho uPetru ecela ukuba abanikeze incazelo ephathelene nalokho okungcolisa umuntu. UJesu uyaphendula: “Anazi yini ukuthi noma yini engena emlonyeni idlula esiswini bese ikhishelwa endlini yangasese? Kodwa noma yini ephuma emlonyeni ivela enhliziyweni, lezo zinto yizo ezingcolisa umuntu. Ngokwesibonelo, enhliziyweni kuphuma imicabango emibi: ukubulala, ukuphinga, ukuziphatha  kabi ngokocansi, ukweba, ubufakazi obungamanga, ukuhlambalaza. Yilezi izinto ezingcolisa umuntu; kodwa ukudla ngezandla ezingageziwe akumngcolisi umuntu.”—Mathewu 15:17-20.

UJesu akamelene nenhlanzeko, futhi akaphikisani nokuthi umuntu kudingeka ageze izandla ngaphambi kokuba alungise ukudla noma adle. Kunalokho, ulahla ubuzenzisi babaholi benkolo abazama ukushaya indiva imithetho kaNkulunkulu elungile ngokunamathela emasikweni abantu. Iqiniso liwukuthi, izenzo ezimbi ezivela enhliziyweni yizo ezingcolisa umuntu.