Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Ubani Ngempela Olawula Izwe?

Ubani Ngempela Olawula Izwe?

Ucabanga ukuthi . . .

  • uNkulunkulu?

  • isintu?

  • omunye umuntu?

 OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Lonke izwe lilawulwa Omubi.” ​—1 Johane 5:19.

“INdodana kaNkulunkulu yezela . . . ukuzobhubhisa imisebenzi kadeveli.”​—1 Johane 3:​8, New Century Version.

LOKHO OKUNGASE KUKUSHO NGAWE

Kukunika incazelo enengqondo ngezinkinga ezikhungethe umhlaba.​—IsAmbulo 12:12.

Kukunika isizathu sokukholelwa ukuthi izwe lethu lizoshintsha libe ngcono.​—1 Johane 2:17.

 SINGAKUKHOLELWA NGEMPELA YINI OKUSHIWO IBHAYIBHELI?

Yebo, okungenani ngenxa yezizathu ezintathu:

  • Ukubusa kukaSathane kuhlulekile. UJehova uzimisele ukukuqeda ukulawula kukaSathane isintu. Uthembisa ‘ukumenza ize uDeveli’ nokulungisa wonke umonakalo obangelwe nguSathane.​—Hebheru 2:​14, INguqulo Yezwe Elisha.

  • UNkulunkulu ukhethe uJesu Kristu ukuba abuse izwe. UJesu uhluke ngokuphelele kumbusi waleli zwe wamanje ononya nobugovu. Ngokuphathelene nokubusa kukaJesu, uNkulunkulu uthembisa ukuthi: ‘Uyohawukela ophansi nompofu . . . Uyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni.’​—IHubo 72:​13, 14.

  • UNkulunkulu akawaqambi amanga. IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi: ‘akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’ (Hebheru 6:18) Lapho uJehova ethembisa ukwenza okuthile, kuvele kufane nje nokuthi sekwenzekile! (Isaya 55:​10, 11) “Umbusi waleli zwe uzophonswa ngaphandle.”​—Johane 12:31.

 CABANGA NGALOKHU

Liyobanjani izwe ngemva kokuba umbusi walo esesusiwe?

IBhayibheli liyawuphendula lowo mbuzo encwadini yeHUBO 37:​10, 11 neyeSAMBULO 21:​3, 4.