Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”

 ISITHASISELO

Ukuxazulula Izingxabano Zezindaba Zebhizinisi

Ukuxazulula Izingxabano Zezindaba Zebhizinisi

Njengoba kulotshwe kweyoku-1 Korinte 6:1-8, umphostoli uPawulu wakhuluma ngokumangalelana ezinkantolo kwamakholwa. Wezwakalisa ukushaqeka ngokuthi amanye amaKristu eKorinte ‘ayelokotha aye enkantolo phambi kwabantu abangalungile.’ (Ivesi 1) UPawulu wanikeza izizathu ezinamandla zokuthi kungani amaKristu kungafanele amangalelane ezinkantolo zezwe, kodwa kunalokho alungise izingxabano esebenzisa ilungiselelo lebandla. Ake sifunde ngezinye zezizathu zalesi seluleko esiphefumulelwe bese sithi qaphu qaphu ngezimo ezimbalwa ezingahlanganisiwe ngokuqondile kulesi seluleko.

Uma sixabana kwezebhizinisi nesikholwa naye, okokuqala kufanele sifune ukulungisa indaba ngendlela kaJehova, hhayi eyethu. (IzAga 14:12) Njengoba uJesu abonisa, kungcono kakhulu ukukuxazulula ngokushesha ukungaboni ngaso linye ngaphambi kokuba kube indaba enkulu. (Mathewu 5:23-26) Nokho, ngokudabukisayo amanye amaKristu axabana kushunq’ uthuli, aze afakane ezinkantolo zezwe imbala. UPawulu wathi: “Kusho ukunqotshwa okuphelele ngani ukuthi niyamangalelana.” Ngani? Isizathu esiyinhloko siwukuthi isinyathelo esinjalo singase silimelele kabi igama elihle lebandla kanye noNkulunkulu esimkhulekelayo. Ngakho-ke, siwubheka ngokungathí sina umbuzo kaPawulu: “Kunalokho kungani ningavumi ukuba noniwe?”—Ivesi 7.

UPawulu waphinde wabonisa ukuthi uNkulunkulu unikeze ibandla ilungiselelo elihle lokuxazulula izingxabano eziningi. Abadala bangamadoda angamaKristu ahlakaniphiswe ulwazi lwawo ngamaqiniso emiBhalo, futhi uPawulu wathi ayakwazi “ukwahlulela phakathi kwabafowabo” uma kuziwa ‘ezindabeni zalokhu kuphila.’ (Amavesi 3-5) UJesu wabonisa ukuthi izingxabano ezihilela  ububi obungathí sina, njengokunyundela nokukhwabanisa, kufanele zisingathwe ngenqubo yezinyathelo ezintathu: esokuqala, zama ukuxazulula indaba ngasese nalabo abahilelekile; esesibili, uma isinyathelo sokuqala sehluleka, thatha ufakazi oyedwa noma ababili; kanti esesithathu, uma isinyathelo esandulele sehluleka, hambisa indaba ebandleni njengoba limelelwe abadala.—Mathewu 18:15-17.

Yiqiniso, akudingeki abadala abangamaKristu baze babe abameli noma osomabhizinisi noma basebenze njengabo. Ababeki mibandela yokuxazulula izingxabano zebhizinisi phakathi kwabazalwane. Kunalokho, bafuna ukusiza bonke abahilelekile ukuba basebenzise imiBhalo futhi bafinyelele isinqumo ngokuthula. Ezimweni eziyinkimbinkimbi bangase bathintane nombonisi wesifunda noma ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Nokho, kunezimo ezingahlanganisiwe eselulekweni sikaPawulu. Yiziphi ezinye zazo?

Kwezinye izimo, ukuyisa udaba enkantolo kungase kube ukulandela inqubo evamile noma imfuneko engokomthetho ukuze kufinyelelwe iziphetho ezingenabugovu nezinokuthula. Ngokwesibonelo, ukuya enkantolo kungase kube yilona kuphela ilungiselelo elikhona lokuthola incwadi yesehlukaniso, ilungelo lokukhulisa umntwana, isondlo, isinxephezelo somshwalense, ukufakwa ohlwini lwalabo abakweletwayo ngenxa yokuwa kwebhizinisi kanye nokubhalwa kwencwadi yefa. Zikhona nezinye izimo ezingenza umzalwane azizwe ephoqelekile ukuba ayomangala ukuze azivikele ekubeni necala. *

Uma lokho kumangala kungenziwanga ngomoya wombango, kungase kungangqubuzani neseluleko sikaPawulu esiphefumulelwe. * Noma kunjalo, okumelwe kuze kuqala kumKristu kufanele kube ukungcwelisa igama likaJehova kanye nokuthula nobunye bebandla. Uphawu oluvelele lwabalandeli bakaKristu uthando, futhi “uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo.”—1 Korinte 13:4, 5; Johane 13:34, 35.

^ isig. 2 Ezimweni ezingandile, umKristu angase enze ubugebengu obubi kakhulu komunye—njengokudlwengula, ukuhlasela, ukubulala noma ukweba okukhulu. Ezimweni ezinjalo, ngeke kuphambane nobuKristu ukubika indaba eziphathimandleni, ngisho noma lokho kungase kuphumele ecaleni lasenkantolo noma ekubeni necala lobugebengu.

^ isig. 3 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza ubheke INqabayokulinda, ka-March 15, 1997, amakhasi 17-22, neka-October 15, 1991, amakhasi 25-8.