Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Mthandi KaJehova Othandekayo:

“Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula,” kwasho uJesu. (Johane 8:32) Yeka indlela akhuthaza ngayo la mazwi! Yebo, iqiniso singalazi ngisho nakulezi ‘zinsuku zokugcina’ ezibucayi ezigcwele amanga. (2 Thimothewu 3:1) Usakhumbula mhla uqala ukuqonda iqiniso elichazwe eZwini likaNkulunkulu? Yeka ukuthi kwakumnandi kanjani!

Nokho, nakuba kubalulekile ukuba nolwazi olunembile lweqiniso nokuhlanganyela njalo ekuludluliseleni kwabanye, kumelwe futhi siziphathe ngokuvumelana nalo. Ukuze sikwenze lokho, kudingeka sizigcine othandweni lukaNkulunkulu. Kuhilelani lokhu? Amazwi kaJesu angobusuku bangaphambi kokufa kwakhe ayawuphendula lo mbuzo. Watshela abaphostoli bakhe abathembekile: “Uma nigcina imiyalo yami, niyohlala othandweni lwami, njengoba nje nami ngiye ngagcina imiyalo kaBaba futhi ngihlala othandweni lwakhe.”—Johane 15:10.

Phawula ukuthi uJesu wahlala othandweni lukaNkulunkulu ngokugcina imiyalo kaYise. Kunjalo nangathi namuhla. Ukuze sihlale othandweni lukaNkulunkulu kudingeka siphile ngeqiniso mihla yonke. Ngabo lobo busuku, uJesu wathi: “Uma nizazi lezi zinto, niyajabula uma nizenza.”—Johane 13:17.

Sithemba ukuthi le ncwadi izokusiza ukuba uqhubeke uphila ngeqiniso futhi ngokwenza kanjalo uzigcine “othandweni lukaNkulunkulu . . . unombono wokuphila okuphakade.”—Jude 21.

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova