Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade

 INGXENYE 13

Yini Okumelwe Siyenze Ukuze Sijabulise UNkulunkulu?

Yini Okumelwe Siyenze Ukuze Sijabulise UNkulunkulu?

Gwema okubi. 1 Korinte 6:9, 10

Uma simthanda uJehova, ngeke senze izinto azizondayo.

UJehova akafuni sintshontshe, sidakwe noma sisebenzise izidakamizwa.

UNkulunkulu uyakuzonda ukubulala, ukukhipha isisu nobungqingili. Akafuni sibe abahahayo noma silwe nabanye.

Akumelwe sikhulekele izithombe noma sisebenzelane nemimoya.

EPharadesi lasemhlabeni elizayo, ngeke babe khona abantu abenza izinto ezimbi.

 Yenza okulungile. Mathewu 7:12

Ukuze sijabulise uNkulunkulu, kumelwe sizame ukuba njengaye.

Bonisa uthando kwabanye ngokuba nomusa nangokupha.

Thembeka.

Yiba nesihe futhi uthethelele.

Tshela abanye ngoJehova nezindlela zakhe.—Isaya 43:10.