Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGXENYE 12

Ungaba Kanjani Nokuphila Komkhaya Okujabulisayo?

Ungaba Kanjani Nokuphila Komkhaya Okujabulisayo?

Uthando luyisihluthulelo senjabulo emikhayeni. Efesu 5:33

Umthetho kaNkulunkulu uthi umshado kufanele ube phakathi kwendoda nowesifazane.

Umyeni onothando uphatha umkakhe ngomusa nangokuqonda.

Inkosikazi kufanele ibambisane nomyeni wayo.

Izingane kufanele zilalele abazali bazo.

 Yiba nomusa futhi uthembeke, ungabi nonya futhi ungabi ongathembekile. Kolose 3:5, 8-10

IZwi likaNkulunkulu lithi indoda kufanele ithande umkayo njengomzimba wayo futhi inkosikazi kufanele ibe nenhlonipho ejulile ngomyeni wayo.

Ubulili ngaphandle komshado abulungile. Isithembu naso asilungile.

IZwi likaJehova lifundisa imikhaya indlela engajabula ngayo.